Usathuka izanya owesimame ocishe wathunjwa eCaluza

2017-06-15 16:02

eCaluza - Bahlalele ovalweni abesimame base-Edendale kulandela isigameko sokucishe kuthunjwe owesimame elibangise emtholampilo.

Ngokuthola kwe-KZN Eyethu, uMpume Cebekhulu, 32, waseSmero wayesendleleni eya emtholampilo waseCaluza ngesikhathi kuqhamuka imoto yohlobo lwe-Mazda 323 ihamba amadoda.

La madoda azame ukumcaphuna emfaka emotweni.

“Ngangihamba ngedwa ngezinyawo ngenxa yokuswela imali yokugibela ngezithuba zokugamanxa kwehora lesihlanu ekuseni.

“Kwaqhamuka imoto yangidlula ngezwa sekukhala izicabha mangiqalaza omunye ubhuti wangibamba ngenkani esandleni  ethi angingene emotweni ngenhlanhla ngigqoke ijakhethi eshibilikayo ngaphunyula ngangena komunye umuzi oseduze. Ngibe sengibachazela konke okwenzekile bashayela amaphoyisa,” kuchaza uCebekhulu.

OLUNYE UDABA:Amaphoyisa achibiyela iqiniso kulandela ukutholakala kosana

Uqhube wathi okubuhlungu kakhulu ukuthi uhlala yedwa futhi eduze nomgwaqo.

Uthe emuva kwalesi sigameko esimehlele akasazizwa ephephile - yingakho esechitha isikhathi komakhelwane. 

"Ngisho kuqhamuka imoto ngiyathuka ngiyacabanga ukuthi mhlawumbe kwenziwa ukuthi selokhu kwenzeke lokhu akukho ukwelashwa esengike ngakuthola. Ngesikhathi ngibanjwa ijakhethi yasala nesikhwama esasinomakhalekhukhwini kanye nekhadi lasemtholampilo nabagcina behambe nakho," kubeka uCebekhulu.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.