Usathuthumela ogetshengwe kuthelawayeka u-N2

2018-03-07 11:00

Durban - Owesimame wasePhoenix osanda kugetshengwa ekhonjwe ngesibhamu kuthelawayeka u-N2 ngasemgwaqeni uNandi Drive, uthi kusenzima ukudlulisa okwenzeka.

Uthi wagetshengwa ngemuva kokuthi iloli elalihamba phambi kwakhe lichithe umthwalo.

"Ngisazama ukukudlulisa okwenzeka," kusho uKavita Ramlal.

Uthi usanakho ukwesaba uma ehamba kulo mgwaqo ophakathi kwe-Avoca naKwaMashu.

URamlal uthi wabe ehamba ngemuva kweloli ngesonto eledlule ngesikhathi lichitha umthwalo owavele wawela phezu kwemoto yakhe.

OLUNYE UDABA:Usezoba ngumama owayelingisa kuZalo

Uthi wabhuleka kanzima ngoba wayengeke akwazi nokugudlukela eceleni ngenxa yenqwaba yezimoto ezazikhona ngaleso sikhathi.

“Kwavele kwawa uplasitiki phezu kwemoto yami ngezwa kunomsindo sengathi kuqhuma isondo," kuqhubeka yena.

Uthi waphuma emotweni ephethe ukhiye ngesandla ethi uyohlola ukuthi ngowani lo msindo okhalayo.

Uthi kukhona omunye umshayeli owabona konke lokhu okwakwenzeka wabe esemisa imoto ezomelekelela kodwa kwaqhamuka amadoda amathathu abagebenga ebakhombe ngesibhamu.

"Izigebengu zeba umakhalekhukhwini kanye nezindandatho zalo muntu owayengilekelela zaphinde zathatha nomakhalekhukhwini wami zangikhipha nendandatho yami emunweni," kusho yena.

Uthi ngenhlanhla kwafika amaphoyisa abamba abasolwa ababili, babuyiselwa ezinye zezinto ababezebile.

Okhulumela amaphoyisa uNqobile Gwala uthi kuvulwe icala lokugebenga kuhlonyiwe emaphoyiseni aseGreenwood Park.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.