Usatshiswa ngokuboshwa unozinti weChiefs

2017-07-25 12:38

Durban - Usatshiswe ngokuboshwa uBrilliant Khuzwayo ongunozinti weKaizer Chiefs obehlele umqhudelwano ngakubo eMlazi njengoba kusahlatshwe ikhefu kwiPremier Soocer League (PSL).

ILANGA lithole ukuthi esinye sezikhulu zeShikisha FC sigasele kubo kwalo mdlali esigcemeni sakwaP eMlazi, satshela umndeni wakhe ukuthi sihlela ukumvulela icala ngokubaqola.

Le kilabhu kumele ihlomule ngo-R10 000 ngokulala isibili kulo mqhudelwano onqotshwe yiMakhangala FC ngo-3-1.

IMakhangala FC kumele inikwe u-R20 000. Kuthiwa akasatholakali lo nozinti ukucacisa ukuthi kubambeni ngenkokhelo kwazise ikilabhu ngayinye ibijoyine ngo-R1 000 kwagcina kudlala angu-25.

Kuthiwa lesi sikhulu sigasele kubo kwalo nozinti ngemuva kokumbona ezintini zeChiefs kowamanqamu weBokone Bophirima Maize Cup ngeledlule.

UKhuzwayo ukubeke kwacaca ngesikhathi ethintwa yiLANGA ukuthi abantu baseMlazi banenkinga yokungaqondi ukuthi kunemigudu okumele ilandelwe ukuze kuphume imali.

OLUNYE UDABA: Angase ajoyine iWits ochithwe yiChiefs

“Ungithole kanjani wena uma kuthiwa ngiyabaleka? Imidlalo yami kakuyona eyekilabhu. Imidlalo ngiyihlelela umphakathi waseMlazi ngoba ngifuna ukuthuthukisa ibhola ngasekhaya. Ngemuva komqhudelwano bekumele ngihambise umbiko kubaxhasi, okubalwa kubona uMasipala, uMnyango wezeMidlalo, abakwaPuma kanye nabanye.

“Abantu-ke kumele baqonde ukuthi uhulumeni usebenza kanjani. Ngisho unikwa ithenda umsebenzi uwenza kuqala bese ulinda izinsuku ezingama-30 ukhokhelwe. Ngisho abahleli mcimbi bayakwazi lokhu.”

“Ngicela ubuze noma yimuphi umdlali weBidvest Wits ukuthi sebeyitholile yini imali yamabhonasi njengoba benqobe iligi. I-Absa iyinkampani enkulu kani kodwa ayiyinikanga imali iWits ngosuku enqobe ngayo umqhudelwani.” 

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.