Usaziwayo uthi usemtholile umaqondana wakhe

2016-08-15 08:17

Johannesburg - Intokazi engaconsi phansi kubalande bayo u-Amanda du-Pont akakaze afihle ngezothando, njengoba ehlezi efaka izithombe zakhe nesoka lakhe uShawn Rodrigues ezinkundleni.

U-Amanda ozovela kwikhava yephephabhuku iGrazia uphumele obala ngesoka lakhe nothando lwabo ngokuthi usemtholile umaqondana wakhe.

OLUNYE UDABA:UCassper Nyovest uqinisekise amahlebezi

“Ngavele ngazi ngiqala ukumbona ukuthi nguyena umaqondana wami. Hhayi ukuthi isithandwa sami kuphela, kodwa nguyena mngani wami omkhulu, uyikhaya kimi, futhi uyikho konke,”kusho yena.

Le ntokazi ithi iyakujabulela ukuthi isoka lakhe alikho kule mboni asebenza kuyo, kodwa yize kunjalo, uhlezi emgqugquzela ukuthi enze kangcono, kubika iSowetan.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.