USchabir Shaik uthi 'isilima' esinguMalema asazi lutho

2017-07-31 11:04

Durban – Usomabhizinisi waseThekwini nowake waba ngumeluleki kaMengameli Jacob Zuma, uSchabir Shaik, useshiye angalazi kuJulius Malema ngemuva kokuba lo mholi we-EFF esole osomabhizinisi baseNdiya ngokulawula nangokuxhaphaza umnotho waKwaZulu-Natal.

"Lesi siphukuphuku asinalo ulwazi olwanele futhi asazi lutho ngobunikazi bamabhizinisi aseKZN. Kungani engakhulumi ngeHuletts noma ezinye izinkampani ezinkulu, zabamhlophe esifundazweni?

"Udaba lomhlaba kumele luqalwe kwaHuletts, uthuleleni uMalema ngalolu daba?" kubuza uShaik, owadedelwa ngoshwele ejele ngo-2009, ngemuva kokuba elahlwe amacala enkohlakalo ngo-2005, wagwetshwa iminyaka engu-15 ebhadla ejele.

OLUNYE UDABA: Ithi ngeke ixolise indodana kaMengameli Zuma

Kwezinye zezinto uMalema azishilo ukuthi amaNdiya “aphatha kabi abantu bethu. Enza okungaphezu kokwakwenziwa amaBhunu. Angilwisani namaNdiya, kodwa ngikhuluma iqiniso. AmaNdiya anezitolo awabakhokheli abantu bethu, abanikeza izijumbana zokudla.”

"Ngidumele kakhulu ngoMalema futhi ngeke ngameseka ngoba kucacile ukuthi udala ukungezwani emphakathini. Umholi wangempela wenza okwehlukile kunalokho,” kuqhuba uShaik.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.