USdumo uxwayise amalungu eCosatu, wathi basempini

2017-06-01 19:27

Pretoria – UMengameli womfelandawonye wabasebenzi iCosatu, uSdumo Dlamini, uxwayise inhlangano ngokuthi kukhona abazoba yizisulu zalokhu okuqhubekayo njengoba iCosatu iqinisa elokuthi uMengameli Jacob Zuma kumele ashenxe.

"Indodakazi yami yangitshela ngekati elalifile elaliphambi komnyango wasekhaya. Wonke amathumbu engaphandle,” kusho uDlamini.

“Kusasa ngeke kube yikati, kepha kuzoba wumuntu,” kuqhuba uDlamini etshela abebethamele umhlangano weCentral Committee e-Irene ngoLwesine ntambama.

Ubechazela abasebenzi ngesigameko esenzeka emzini wakhe ngemuva kokuthi iCosatu iphakamise ukuthi uMengameli Zuma kumele abone afika ngayo.

OLUNYE UDABA: ICosatu ngeke isamvumela uZuma akhulume namalungu ayo

ICosatu isithathe igxathu lokuvimbela uZuma ukuba akhulume emibuthaneni yayo kulandela ukuthi ahhahhanyezwa eralini yayo ngmhlaka-1 Meyi.

UDlamini wenze isibonnelo watshela abasebenzi ukuba kumele bakulungele ukuthi kukhona abazoba yizisulu njengoba belwela lokho abakholelwa ukuthi yinto efanele.

"Le yimpi kanti njenganoma yiyiphi impi kuba khona abasala enkundleni. Akukhathaleki ukuthi lokho kwenzeka ngayiphi indlela,” esho.

ISekela likaDlamini, uTyo Tyo James, uthe isigameko sekati bekuhloswe ngaso ukusabisa uDlamini.

“Ubetshelwa ukuthi ‘nawe uzophetha njengaleli kati’,” kusho uJames.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.