Usebanjiwe osekuphele iminyaka emithathu efunwa amaphoyisa

2018-05-03 09:29

eThekwini - Amaphoyisa agcine ephumelele ekubambeni owesilisa owayethungathwa kusukela ngonyaka ka-2015.

UNkosinathi Mkhize, 44, kuthiwa waqola uMnyango wezoLimo kwaZulu-Natal.

UMkhize lo osolwa ngokunikezela igama lenkampani engekho ithenga lokunikezela lomnyango ngamachwane uboshwe ngoMsombuluko.

Lo mnyango wakhokha imali elinganiselwa ku-R50 000 kwi-akhawunti yenkampani engekho kodwa futhi namachwane akazange atholakale.

OLUNYE UDABA:Kuboshwe oyedwa ngelokubulala umphathi wesitolo eKapa

Okhulumela amaphoyisa uLieutenant-Colonel Thulani Zwane uthe uMkhize ubanjwe eNew Germany, Pinetown.

“Amaphoyisa athole umbiko kusukela kwizakhamuzi zakule ndawo ngokuthi ukuphi lo msolwa,"kusho uZwane.

Uthi lo msolwa ubhekene namacala okuqola kanti uzovela phambi kwenkantolo yamacala amabhizinisi eThekwini.


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.