Usebanjiwe osolwa ngokubulala udadewabo nomshana eNyoni

2018-03-08 12:33

eThekwini - Ithimba labaseshi baseNyoni libambe umsolwa oyedwa ecaleni lokubulawa kowesimame kanye nendodana yakhe.

Lo mlisa oneminyaka engu-45 ubudala ubanjwe epulazini eliseGebhasi eShowe ngoLwesithathu nokuyilapho ebebhace khona.

Ngokusho kwamaphoyisa, lo mlisa ubekwe icala lokubulala udadewabo kanye nomshana wakhe, kulesi sigameko esenzeka ngoJanuwari nonyaka.

NgoMgqibelo mhlazingu-13 kuJanuwaru 2018 amaphoyisa aseNyoni abizelwa endaweni yaseSidakeni eMandeni ngombiko wowesimame kanye nendodana yakhe abalahlekile.

Amalungu omphakathi aqala ukusola ukuthi kukhona okushaya amanzi ngoba lo wesimame wanyamalala ngemuva kwengxabano abanayo nezihlobo zakhe ngoLwesibili wangomhlaka-9.

OLUNYE UDABA:Umama nendodana bazitika ngocansi ukuze bagcine umcebo

Ngesikhathi efika amaphoyisa ngoMgqibelo, aqala amcinga lo wesimame ngosizo lomphakathi waze watholakala ethuneni elingashoni egcekeni lesihlobo.

Uma kumbiwa leli thuna kwatholakala izidumbu ezimbili; esowesifazane kanye nendodana yakhe. Isidumbu sowesifazane sasiqotshiwe sase sifakwa kuplastiki.

Kwavulwa amacala amabili okubulala, amaphoyisa aphuma umkhankaso wokuthungatha lo msolwa owayenyamalele.

Lo mlisa uzovela eNkantlo kaMantshi eNyoni ngoLwesihlanu (mhlaka-9) kwephezulu ngamacala amabili okubulala.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.