Usebanjiwe umdlwenguli osehlukumeze abaningi oLundi

2017-11-13 11:01

eThekwini - Uvela namuhla (ngoMsombuluko) eNkantolo kaMantshi eMahlabathini owesilisa obhekene nenqwaba yamacala okudlwengula oLundi, kusho amaphoyisa aKwaZulu-Natal.

Ngomhlaka-8 Novemba amaphoyisa ophiko lodlame lwasekhaya, ukuvikeleka kwezingane kanye namacala okunukubeza ngokocansi abamba owesilisa oneminyaka engu-39 ubudala ngamacala okudlwengula angu-12 enzeka endaweni yasoLundi.

Kuthiwa umsolwa ubesebahlukumeze kakhulu abantu abasebenza ePlaza abavame ukushayisa ebusuku kusukela ngonyaka ka-2012 kwaze kwaba ngu-2016.

OLUNYE UDABA:Kubulawe owesilisa ephuma kwi-picnic nomndeni nabangani

Umsolwa ubelinda izisulu kujansthi wesitimela osendaweni yaseMbhoshongweni azisabisa ngommese nangesibhamu bese ezidlwengulela ehlathini.

Kwesinye sezigameko ezenzeka ngo-2015, umsolwa waboshwa ngecala lokudlwengula wavela enkantolo kodwa icala lasulwa ngenxa yokungabibikho kobufakazi obanele.

Kwathathwa amasampula olibofuzo lwakhe nokuyilapho okuvele khona ukuthi umataniswa namanye amacala angu-12 okudlwengula enzeka khona kule ndawo.

Amaphoyisa aphuma umkhankaso wokumthungatha waze wabanjwa ngomhlaka-8 Novemba kulo nyaka.

Amaphoyisa anxusa amanye amalungu omphakathi ake anukubezwa ngokocansi ngumsolwa ukuba asondele ngaphambili axhumane nomseshi ophenya leli cala uWarrant Officer Mucu Luhlongwane ku-035 874 0330 noma ku-071 560 2976.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.