Usebekwe icala owashiya ingane eyivalele emotweni wayosebenza

2016-07-06 16:00

Jackson – Owesilisa waseMississippi ubekwe icala lokubulala kulandela ukudlula kwamasonto ambalwa kushone ingae yakhe enezinyanga ezingu-8 ubudala.

Le ngane yentombazane yashona ngemuva kokuthi ubaba wayo ayishiya yodwa emotweni ivaliwe, ilanga likhipha umkhovu etsheni.

Ummeli kaJoshua Blunt, uCarlos Moore, uthe uBlunt, 25, uzimisele ngokuliphika leli cala.

OLUNYE UDABA: Ishonile ingane ebishiywe yodwa emotweni

"Ngishaqekile ukuzwa ukuthi ikhasimende lami libekwe icala. Ngizimisele ngokulivikela ngakho konke enginakho,” kusho uMoore.

Ingane kaBlunt, uShania Rihanna Caradine, yashona ngoMeyi nonyaka.

Ummeli kaBlunt, ongumuntu omnyama, uthi ikhasimende lakhe libekwe icala ngenxa yebala lalo ekubeni owesifazane omhlophe owashiya ingane yakhe emotweni naye engazange abekwe icala.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.