Usebhace kubangani okamaskandi ohlaselwe kwakhe

2018-04-09 18:02

Johannesburg - UMlindelwa Mralatya,56, odume kakhulu ngeleNkunzi eMdaka, uhlalele ovalweni ngemuva kokuba abesilisa abangaziwa behlasele umuzi wakhe oseNkantolo Village, e-Eastern Cape, ngempelasonto edlule.

Lo mculi kamaskandi kanye nezihlobo zakhe ezingu-13 sebehlala emzini womngani kwesinye isigodi.

INkunzi eMdaka ithi: “Ngicabanga ukuthi laba bantu bangifuna ngifile ngenxa yobudlelwano bami namaBhungu.

OLUNYTE UDABA: UPearl Thusi ulandisa ngesigameko acishe wabanjwa kusona inkunzi

“Kunombango okhona phakathi kwamaBhungu neNdlavini. Lo mbango umayelana nezingoma esiziculayo. Laba bantu banomona ngempumelelo yethu. Angazi ukuthi kumele ngenzeni ngoba anginayo imali yokwakha umuzi omusha.”

Lo mculi uthi abantu abamhlasela babephethe ocelemba, imikhonto baphinde bajikijela amawindi omuzi wakhe nangamatshe ngoMgqibelo.

Okhulumela amaphoyisa uCaptain Edith Mjoko uthi: “Kuvulwe icala lokucekela phansi impahla esiteshini samaphoyisa eBhizana. Akukaboshwa muntu.”

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.