Usebhekene nezinyathelo zomthetho umfundi ofakelwe u-R14m ngephutha

2017-08-31 09:28

Cape Town – Umfundi wasesikhungweni semfundo ephakame iWalter Sisulu University ofakelwe ngephutha isamba semali engu-R14.1m ye-NSFAS wabe esesebenzisa ingxenye yayo, ubhekene nezinyathelo zomthetho, kusho i-Intellimali, inkampani esingatha uhlelo lokukhokhelwa kwabafundi.

“Umfundi, igama lakhe elaziwayo kwi-Intellimali, akazange alibike leli phutha, kodwa okunalokho wakhetha ukufinyelela kule mali. Ngesikhathi leli phutha litholakala ekuqaleni kuka-August 2017, ubesesebenzise ngokungafanele u-R818 000,” iCEO yakwa-Intellimali, uMichael Ansell, usho kanjalo esitatimendeni ngoLwesithathu.

OLUNYE UDABA:Inyuvesi ifakele umfundi u-R14m ngephutha

U-Ansell uthi u-R14.1m wafakwa kwi-account yakhe ngephutha ngoJune 2017. Lokhu kwenzeka ngesikhathi kukhokhelwa abafundi abangu-3 500 eWalter Sisulu University abaxhaswa ngemali yi-National Student Financial Aid Scheme (NSFAS).

Lokhu kukhokhelwa ngokwedlulele kwaba ngokokuqala eminyakeni eyishumi yokukhokhela izibonelelo zenani lika-R5bn zezincwadi kanye nokudla abafundi abakwazi ukukuthola nge-Intellicard account. Akekho omunye umfundi okhokhelwe ngokwedlulele, u-Ansell usho kanjalo.

Uthi abasebenzi bayaziqinisekisa izibalo ngaphambi kokuba kukhishwe izimali. Yonke imininingwane yayiqondile ngesikhathi ifakwa. Uthi bona njengo-Intellimali bayakwamukela ukuthi yibona ababe sephutheni, hhayi u-NSFAS noma inyuvesi.

Le nkampani isikumisile ukusebenza koxhaso lwalo mfundi kanti ithi yenza uphenyo olusezingeni eliphezulu noluzothatha isikhathi eside.

I-Intellimali ayitholakalanga ukuze iphawule mayelana nokuthi bakhona yini abasebenzi abathintekayo. Ucingo abashayelwe lona ngenhloso yokucela olunye ulwazi lunqanyuliwe. 

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.