Useboshiwe owakhohlwa iselula yakhe egqekeza

2017-02-01 19:27

Welkom - Umsolwa obefunelwa ukugqekeza uboshiwe ngemuva kokushiya iselula yakhe emdaweni yeisgameko, kusho amaphoyisa aseFree State ngoLwesithathu.

Okhulumela amaphoyisa aseCaptain Stephen Thakeng uthe kwagqekezwa indawo kadokotela epulazini elincane eFree State elisedolobheni iWesselbron ngomhlaka-5 Disemba ngonyaka ophelile.

OLUNYE UDABA: Isigebengu sivaleleke emotweni ebesizama ukuyiduna

Umsolwa wangena ngophahla ebhilidini, waphazamisa i-alarm wakwazi ukuthatha isamba semali esingadaluliwe wabaleka.

Kodwa, wenza iphutha elikhulu ngokushiya iselula yakhe endaweni yesigameko, amaphoyisa akwazi ukuthola igama lomnikazi walo ukuthi nguPasek Tsheisi.

UThakeng uthe amaphoyisa amabili aahlangana nomsolwa ngomhlaka-27 Januwari ngesikhathi ebona iveni lamaphoyisa wazama ukubaleka kodwa amaphoyisa akwazi ukumbamba amubopha.

Umsolwa uvele eNkantolo yeMantshi yaseWesselsbron ngoMsombuluko ngecala lokugqekeza kanti uzophinde avele enakntolo ngomhlaka-7 Febhuwari eseyofaka isicelo sebheyili.

 - Africa News Agency

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter                

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
Most Read
News In Your Area
Top Lifestyle
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.