Useboshiwe owesimame 'ogwaze' wabulala indodana yakhe

2017-02-13 18:01

Cape Town – Kulindeleke ukuba avele phambi kweMantshi yaseKhayelitsha ngoLwesibili owesimame osolwa ngokugwaza indodana yakhe eneminyaka emibili ubudala.

Lokhu kwenzeke ngesonto eledlule emndenini wakwaMakhaza, amalungu alo mndeni athi ashaqeka kabi ngesenzo sikaJulia Aaron, 28, ososlwa ngokugwaza indodana yakhe amanxeba amathathu.

Kuthiwa lo wesimame kusolakala waqonda ngqo egumbini lakhe lapho kwakulele khona lo mfana., wabe esenza lo monakalo.

OLUNYE UDABA:Uboshiwe owesimame osolwa ngokulaxaza ingane

“Ngezwa ingane ikhala kakhulu uma ngiyoyihlola ngabona umshana egcwele igazi ezandleni egwaza ingane yakhe entanyeni,” kusho u-Enock Makendlana ongumalume walo wesimame.

Lo mndeni uthi awazi ukuthi kungani uJulia ehlasele ingane yakhe.

Kuthiwa lo wesifazane unayo enye ingane endala eneminyaka engu-8 ubudala, kubika iDaily Voice.

“Asazi ukuthi singayichaza siyithini le nto, yena uke wasebenzisa izidakamizwa ngaphambilini kodwa waziyeka ngesikhathi esezohlala nathi,” kusho umzala wakhe uBuyisa Makendlana.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.