Useboshiwe umzingeli 'obulale' indoda ezitshela ukuthi yisilwane

2017-02-13 13:03

Polokwane - Kuboshwe indoda eneminyaka engu-39 ubudala ngoMsombuluko ekuseni ngemuva kwezinsolo zokudubula ibulale isisebenzi sasepulazini ngesikhathi izingela.

"Le ndoda iboshwe namuhla ekuseni kanti kulindeleke ukuba ivele khona namuhla (ngoMsombuluko) eNkantolo yeMantshi yaseModimolle," kusho okhulumela amaphoyisa aseLimpopo uBrigadier Motlafela Mojapelo.

OLUNYE UDABA:Ishonile indoda edutshulwe abazingeli bezitshela ukuthi ingulube

Le ndoda nowesifazana babikele amaphoyisa ngoMgqibelo ebusuku ukuthi badubule isisebenzi sasepulazini bezitshela ukuthi yisilwane ngesikhathi bezingela izingulube yehlathi epulazini iMeisiesvlei eduzane naseTuinplaas.

Ngokusho kwamaphoyisa, abazingeli bezwe umsindo obuqhamuka ehlathini base bedubula ngalapho obuqhamuka ngakhona.

Lesi sisebenzi besisebenza epulazini elakhelene nalapho okwenzeke khona isigameko.

Umufi udubuleke emhlane washona.

Amaphoyisa abengakalidaluli igama lalesi sisebenzi njengoba esazama ukuxhumana namalungu omndeni waso.

Lezi zithandani zidedelwe ngamaphoyisa ngemuva kokubika udaba.

UKhomishana wamaPhoyisa esifundazweni unikwe idokodo lecala kanti icala lokubulala ngokungenhloso seliguqulwe laba ngelokubulala.

UMojapelo uthe amaphoyisa aselulindele uthuthuva olungase luqubuke kulandela lesi sigameko. 

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter



NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.