Useboshiwe uthisha osolwa ngokuhlukumeza umfundi ngokocansi

2017-03-10 16:01

Johannesburg - Useboshiwe uthisha oneminyaka engu-47 ubudala osolwa ngokuhlukumeza umfundi ngokocansi esikoleni iLenesia High, kubika i-Eyewitness News.

Amaphoyisa aqinisekise ukuthi le ndoda iboshwe ngoLwesihlanu ekuseni emzini wayo oseLenesia, eningizimu yeGoli.

Ngaphambilini kuleli sonto i-EWN idalule ukuthi aboMnyango wezeMfundo eGauteng baphenya lo thisha. Ngaleso sikhathi babecabanga ukumumisa emsebenzini okwesikhashana.

OLUNYE UDABA: Uthisha waseNquthu kwelokutholakala nezibhamu ezingekho emthethweni

Umama wale ntombazane, 14, uthe uthole ucingo oluvela esikoleni ngoLwesihlanu, ecelwa ukuba anikeze amaphoyisa imvume yokuthatha indodakazi yakhe ukuba iyokhomba umsolwa.

Okhulumela amaphoyisa Khalipha Mbula uthe lo thisha uboshwe ngemuva kokukhonjwa yisisulu kanti njengamanje usesitokisini samaphoyisa aseLenesia South.

Ekuqaleni kwesonto umama wale ntombazane ugonyulukile ngodaba, kanti kukholakala ukuthi lo thisha wabuza le ntombazane eyenza uGrade 10 ukuba isayintombi nto yini.

"Ngesikhathi bebodwa kwelinye lamahhovisi, wayibuza ukuthi usayintombi nto yini waqhuba ngokuthi izintombi ezisagcwele yizo azifunayo."

Umama wale ngane uthe lo thisha usenesikhathi ethengela indodakazi yakhe into ezoyidla esikoleni kanti useke wayicela nokuthi imvakashele kwakhe. 



 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.