Usedayisa ama-ayina namaDVD owayegijima kuPirates

2016-07-17 11:04

Durban - Kuzungeza amahlebezi athi owayedlalela i-Orlando Pirates uNjabulo Manqana sekumuphelele ebholeni.

Kusolwa ukuthi lesi sihlabani sebhola lezinyawo esake sagijima ku-PSL emaqenjini okubalwa kuwo iGolden Arrows, Amazulu ne-Orlando Pirates sixakekile.

OLUNYE UDABA: Kuyambhedela umculi we-Gospel oxoshwe endlini

Imithombo yeSunday Sun isola ukuthi uNjabulio usedayisa izimpahla ezisebenza ngogesi ukuze ezokwazi ukuthola okuya ethunjini.

"Akanaqembu ngoba ayikho ikilabhu efuna ukumthatha," kusho umthombo.

Imithombo eyakhelene naye eChesterville eThekwini ithi uNjabulo usehlala nabantu abangalungile abahlale beqola abantu amakhadi abo asemabhange.

"Ngemuva kokulahlwa ngamaZulu uNjbaulo waphoqeleka ukuba amaze ezinye izindlela zokuziphilisa. "Ubaziwa itheku lonke namaphethelo njengomuntu ozidlayo futhi ogqoka impahla ebizayo.

Omunye umhtombo uthe:" UNjabulo wayezikhukhumeza kubantu ababemkhonzile. .

"Kodwa manje sekuyamubhedela. Usefika kuthina ezosidayisela impahla kagesi njengama-ayina, ama-microwave oven, ama-DVD kwesinye isikhathi asidayisele amagedlela ewabiza imali ephakathi kwengu-R150 no-R850."

Omunye umhtombo uthe: " Kulezi zinsuku uhlala nabafana abaqola abantu amakhadi asemabahnge kuma-ATM.

"Ngakho asazi noma le mpahla asidayisela yona ngeyakhe noma labafaba asehlala nabo. 

"Kodwa uma ubuka indlela asegqoka ngayo kungenzeka ukuthi ngeyakhe le mpahla asudayisela yona.

UManqana akatholakalanga ephawula  kanti futhi akazange qyiphendule nemiqhafazo ayithunyelelwa kwaze kwahsaya isikhathi sokushicilela.

“Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.