Usedluliselwe esibhedlela saseGoli olunywe yingwenya

2016-12-01 11:31

Johannesburg – Usephuthunyiswe ngendiza enophephela emhlane esibhedlela saseGoli umdobi ohlaselwe yingwenya edamini iKomatipoort ngoLwesibili, kusho abosizo lokuqala.

Indiza enophephela emhlane ithunyelwe eNelspruit ngoLwesithathu ukuba iyolanda isisulu esibhedlela sendawo, kusho okhulumela iNetcare 911 u-Athlenda Mathe.

OLUNYE UDABA: Iphethe ngokuphuma kwesidimbu injabulo yabafundi

“Owesilisa uhlaselwe yingwenya ngesikhathi edoba ngoLwesibili ntambama walimala kabi.”

UMathe uthe ubezama ukukhipha inhlanzi emanzini ngesikhathi ingwenya igxavuna inhlanzi kanye nengalo yakhe. 

Kolunye udaba lwangesonto eledlule, owesifazane waseZimbabwe uthi uyokhohlwa efile kulandela ukubona umakhelwane wakhe ehlaselwa yingwenya.

Ngokusho kukaMildred Dube, uthi umakhelwane wakhe u-Etina Tongoona wayibona ingwenya ngaphambi kokuba imhlasele.

Kuthiwa waqhubeka nokuwasha ecabanga ukuthi lesi silwane sesihambile, kanti sicashe ngaphansi kwamanzi.

Sabe sesiyamgxavuna, yanyamalala naye phakathi kwamanzi.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.