Usefakwe ohlwini lwabazoqeqesha iBafana owayeqeqesha eNgilandi

2017-01-26 16:01

Cape Town – Kubikwa ukuthi usefakwe ohlwini olufinyeziwe lwabaqeqeshi okuzokhethwa kubo ozoqeqesha iqembu lesizwe, iBafana Bafana, lowo owayengumqeqeshi weqembu lesizwe laseNgilandi.

Ngokombiko we-website yeKickOff, uHodgson, uzoba ngabanye babaqeqeshi okuzoxoxwa ngabo uma ngabe iSouth African Football Association (SAFA) isihlangana ukubheka ukuthi ubani umqeqeshi omusha ongase aqokwe.

OLUNYE UDABA: Kumisiwe ukuthungathwa komqeqeshi omusha weBafana

Kubikwa ukuthi iSAFA isithole inqwaba yezicelo zomsebenzi wokuqeqesha iBafana, kodwa kubukeka sengathi le nhlangano maningi amathuba okuthi igxile kubaqeqeshi abanamagama amakhulu, nokuhlanganisa nalo mqeqeshi owayeqeqesha i-England.

U-Hodgson wasula njengomqeqeshi we-England ngoJuni ngonyaka odlule ngemuva kokushaywa yi-Iceland ng-2-1 ku-Euro 2016 esigabeni samaqembu angu-16 eFrance.

UHodgson akamusha eNingizimu Afrika njengoba eke waqeqesha iqembu elalidlala emdlalweni owawuhlelwe yiFIFA wobungani.

Ngaphezu kwalokho kubikwa ukuthi lo mqeqeshi uhlale evakasha kuleli uma eseholidini.

Uma kungukuthi imibiko eqagula ukuthi kungase kuqashwe uHodgson iyiqiniso, njengokombiko weSowetan Live, iSAFA kuzodingeka ukuthi ikhiphe imali elinganiselwa ku-R50m ngonyaka ukuze ithole lo mqeqeshi.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.