Usefudukela phesheya kwezilwandle uZahara

2017-03-26 18:22

Duaban - Usefudukela  phesheya kwezilwandle umculi waseNingizimu Afrika uZahara, njengoba ezosayina ngaphansi kwe-Universal Music yaseLondon, e-United Kingdom, okuyiyona asezoqopha ngaphansi kwayo.

Lo mculi udalule lezi zindaba engxoxweni ekhethekile abe nayo neLANGA LangeSonto.

Kuzokhumbuleka ukuthi leli phephandaba libikile ngeSonto eledlule ukuthi ngoMsombuluko uZahara, ogama lakhe langempela nguBulelwa Mkutukana, ubezohlangana nezikhulu zale nkampani, ebezivela phesheya kwezilwandle.

Kuleli sonto ukuqinisekisile kuleli phephandaba ukuthi umhlangano wabo uhlalile, kwakhona abavumelana ngakho kodwa wathi sekusele ukuba basayine ngokusemthethweni.

Nokho akukacaci ukuthi uzosayina nini nale nkampani, nokuthi uyifulathela nini iNingizimu Afrika.

Lo mculi usanda kuba sematheni ngemuva kokuvela kwezindaba zokuthi uyilaxazile inkampani abeqopha ngaphansi kwayo iTS Records.

Ngesikhathi ekhuluma naleli phephandaba ngeledule uthe akasazimisele ukuphathwa kodwa usefuna ukukhula akhulise nenkampane yakhe iZahara Amry. Uze wathi ngisho nakuyo i-Universal Music uzovuma kuphela uma izosebenzisana nenkampani yakhe, hhayi nje uma ifuna ukumthatha imenze iciko layo.

Ubuye washaya unqimphothwe ngesinqumo sakhe, wathi lesi sinqumo usihlalele phansi, wabona ukuthi kuzomvulela amathuba ukuyohlala eLondon.

Uthi ubona sengathi usekwenze kwanele uNkulunkulu abefuna akwenze eNingizimu Afrika. Uqhuba athi uziqoqe zonke izindondo owayephupha ngazo, waba namarekhodi angakaze aphulwe muntu futhi akaboni ukuthoi ukhona osazowaphula njengamanje.

"Ngifuna ukuphula irekhodi lami mina ngoba kunzima ukuthi kubekhona umuntu ongaliphula. Ukuya kwami eLondon kuzongisiza kakhulu ekuqhubekeni nomlando wami," kusho uZahara.

OLUNYE UDABA: Uhulumeni usebenzise u-R42m ukuthenga izimoto zikanokusho - DA

Inkampani yakhe iZahara Army uthi yona izosebenzisana ne-Universal Music yalapha eNingizimu Afrika, uthi yiyo ezosabalalisa umculo wakhe.

Le ntokazi iphinde yakhala nangokuhlukumezeka abhekane nakho, yathi sekunesikhathi eside ithule.

"Okungithusayo ukuthi abantu bawuthenga ubuthaphuthaphu umculo wami kodwa baphinde basabalalise zonke izinto ezimbi ngami, lokhu kungishiya nemibuzo," kusho yena.

Uphinde watshela leli phephandaba ukuthi yena akenziwanga muntu waba yilokhu ayikho namhlanje, kodwa wenziwe nguNkulunkulu.

"Mina ngasuka emakhaya ngakithi e-East London ngiziculela vele -  akekho umuntu owangifundisa umculo, ngakho-ke akekho ozoma endleleni yami athi wangifundisa umculo," kubhobla uZahara.

Utshele leli phephandaba ukuthi ubudlelwane bakhe nabaphathi bakhe bakudala uTK Nciza kanye noSbu Leope abonakele. Uthe akafuni ukwenza amaphutha enziwa ngabanye ozakwabo abashiya kudala kule nkampani. Yize noma ezolibangisa kwezilwandle phesheya kodwa uthe ngeke ayeke ukusebenza noRobbie Malinga.

UZahara uzoba nomhlangano phesheya kwezilwandle lapho eseyoqinisekisa isivumelwano sokusebenza kwakhe ne-Universal Music.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.