Usefuna nokuphisana ngendodakazi okhungethwe wusizi

2016-05-06 13:30

Cape Town – Umama wase-Old Crossroads uthwele kanzima ekukhuliseni izingane zakhe ezintathu, ezimbili kuzona ezikhubazekile, kanti usefuna ukuphisana ngendodakazi yakhe eyodwa, kubika iGroundUp.

Lo mama, uNomahlubi Mbulu, 48, ozikhulisela yedwa izingane zakhe ucwila ezikweletini futhi ongakakwazi nokunakekela kahle uSibusiso Keyisi,20, noLilitha Keyisi, 13, utshele odokotela baseLentegeur Hospital ukuthi akafuni bambuyise uLilitha ngoba ngeke akwazi ukumnakekela.

ULilitha waqala ukubanesifo sokuwa enezinyanga ezingu-8 ezelwe. Kwatholakala ukuthi unalesi sifo kanye ne-autism.

Ngesikhathi abeGroundUp bavakashela lo mama emzini wakhe bathole isimo singesihle, iphunga belivale emnyango, indle ingcwele phansi.

Funda nalolu daba: Usesimeni esibucayi onqunywe amankwahla wakhishwa namehlo

UMbulu uthi abezombusazwe, yizinhlangano ezizimele, uhulumeni wesifundazwe kanye nosonhlaklahlake sebekebafika kuyena bathembisa ngokumsiza kodwa namanje akukho abasakwenzile.

Uthi ubaba wezingane zakhe uhlala eduze komuzi wakhe kodwa yena nomndeni wakhe abazihluphi ngezingane.

Enye indodakazi yakhe, eneminyaka engu-17 ubudala, yenza umatikuletsheni kulo nyaka.

Ephendula imibuzo yeGroundUp, okhulumela uNgqongqoshe woMnyango wekuthuthukiswa koMphakathi u-Albert Fritz, Sihle Ngobese, uthe uMnyango uyazi ngalolu daba futhi kukhona okwenzayo ngokusebenzisana noMnyango wezempilo.

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.