Usegadwa yisigansonso sensizwa uRiky Rick

2017-04-16 12:35

Durban - Usahlala eqashwe ngeso lokhozi yisigansonso sensizwa umrepha wodumo osanda kulaxaza inkampani engundabuzekwayo iMabala Noise Entertainment (Mabala).

URicky Rick ogamalakhe langempela uRikhado Makhado usezitholele umqaphi omlandela noma yikuphi lapho eya khona. Ngokuthola kweLANGA LangeSonto kusukela lo mrepha ehlukane neMabala ephethwe nguReggie Nkabinde uzizwa engaphephile yingakho esethole umqaphi.

Leli phephandaba lizibonele lesi sigansonso esiqapha lo mrepha wodumo lwengoma "Sidl'ukotini" ngesikhathi ethulwa ngokusemthethweni njengobuso beVaseline Mens eKramerville eGoli ngoLwesithathu.

Kulo mcimbi obuhanjelwe ngosaziwayo nabezindaba uRicky Rick utheleke ehamba nomndeni wakhe okungumkakhe uBianca nezingane zakhe ezimbili nomqaphi wakhe.

OLUNYE UDABA: Odla ukotini uxoshwe yisitebele sakhe kulandela amagama ahlabayo

Lesi sidlakela sensizwa besimlandela yonke indawo lapho ebehamba khona nangesikhathi esekhuluma nabezindaba besikhona eduze.

Lo mrepha akafunanga ukuphawula ngokuqashwa kwakhe ngesikhathi leli phephandaba limbuza. Uphendule ngokuthi kubalulekile ukuthi uma ungumuntu onomndeni uhlale uwuvikela ngaso sonke isikhathi.

Akathandanga ukuphawula ngokuthinta iMabala njengoba ekubeke kwacaca ukuthi usegxile ezintweni ezithinta igama lakhe kuphela. Uthi kuningi okwenzekayo kulo mkhakha abantu abangakwazi kanti uma isikhathi sesimvumela uzogeqa amagula ngakho konke okwenzeka empilweni yakhe.

Kuzokhumbuleka ukuthi uRicky Rick uzakhele isigcwagcwa kwiMabala ngenkulumo ayethule ngesikhathi kunomcimbi wamaMetro FM Music Awards.

Ekhuluma kulo mcimbi obuseNkosi Albert Luthuli International Convention Centre (ICC) eThekwini ngoNhlolanja (Febraury) kuze kwaphoqeleka ukuthi avalwe kwazise uze wasebenzisa igama eliyinhlamba ezwakalisa ukunengeka kwakhe ngokwenzeka emkhakheni womculo.

Ukhuthaze abaculi abasafufusa ukuthi bangalindi ukuze umculo wabo udlalwe emsakazweni kodwa bazimakethe ngokusebenzisa ubuchwepheshe nezinkundla zokuxhumana. Ngesikhathi uRicky Rick ehlukana nale nkampani kubikwa ukuthi uphucwe izinto zikanokusho okubalwa kuzo nonyanyavu lwezimoto zohlobo oluphambili.

Ngaphandle komculo uRicky Rick ugxile kakhulu nakwimfashini njengoba abuye akhangise ngezimpahla zokugqoka kanti uke wabonakala emodela egqoke ingqephu kaDavid Tlale.

Isihloko se-albhamu kaRick Rick sithi "Family Values" kodwa ingoma adume ngayo yiyo lena ethi"Sidl'ukotini".

Ungumculi onekhono elibabazekayo yize ezibambele mazinyo izingoma azikhiphayo azimdumazi zenza kahle emakethe. Abantu abayi nganxanye bengemanzi  yize kukhona abamgxeka ngokukhuluma kwakhe iqiniso kepha iningi limtuse kakhulu lathi uyiqhawe lamaqhawe. 

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.