Usehamba i-rehab ngenxa yophuzo oludakayo uZahara – Umbiko

2016-07-18 16:02

Johannesburg – Sekuvele imibiko ethi umzwilili wakuleli uBulelwa Mkutukane, odume ngelikaZahara, usengeniswe esikhungweni sokuhlunyeleliswa ngenxa yokucwila kakhulu ophuzweni oludakayo.

Iphephandaba iSunday Sun libike ukuthi lo mculi “usephindele ekunkunkeni utshwala”, ngokusho kwemithombo emithathu engashayi eceleni, kubika iCitizen.

Lo mbiko uqhuba ngokuthi abaphathi bakhe bakhathazekile ngoZahara ngoba abazi ukuthi yini ezolandela, ngoba lo mculi uzimatanisa nabantu abangalungile.

OLUNYE UDABA: UZahara uthi utshwala yinto angasayazi

Kuthiwa lesi sikhungo sidla izindodla zemali, kanti omunye umthombo uthi kusolakala ukuthi uZahara unokhwantalala kulandela ukugconwa kakhulu ngezithombe abezifaka ezinkundleni zokuxhumana.

Omunye umthombo uthe uZahara kumele ancike emndenini wakhe uma efuna usizo, hhayi la bangani abangogedleyihlekisa abathola embonini yezomculo.

.Uphrojusa kaZahara uRobbie Malinga uthe ingamampunge eyokuthi lo mculi uhamba i-rehab.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.