Usehlala ekhaya lezintandane owakhuleliswa usomahlaya waseThekwini

2017-01-29 15:02

Durban -  Owesifazane waseMbali eMgungundlovu usanda kulaxazwa usomahlaya athandana naye kusukela ngonyaka odlule.

 Le ntokazi eneminyaka engu-23 ubudala ithi yaqala ukuthandana nalo somahlaya ngonyaka ka-2013 ngemuva kokuba bahlangane endaweni yokungcebeleka iNewscafe eSuncoast.

"Sajola ngemuva kokuba sibonane endaweni yobumnandi eNewscafe, futhi wayengishayela njalo ucingo uma eseThekwini,"kusho yena.

Le ntokazi ithi izinto zonkalaka ngesikhathi etshela leli soka lakhe ukuthi uzethwele, kubika iSOLEZWE.

OLUNYE UDABA:Usomahlaya uthi kungukufezeka kwephupho ukujoyina uZalo

Ngokusho kwakhe, wakhulelwa ngemuva kokuhlangana ngokocansi nalo somahlaya emcimbini wamaMetro FM Awards eThekwini ngonyaka odlule.

"Waqala wavuma ukuthi ungikhulelisile kodwa wathi uzonginikeza uR10 000 wokukhipha isisu. Wabuye washayela umalumekazi wami ucingo nokunguyena ongikhulisile wavuma ukuthi ungikhulelisile futhi waxolisa ngalokhu okwenzekile kodwa futhi wathi ubengathandani nami kwenzeka iphutha."

Le ntokazi ithi umalumekazi wayo wayixosha ngemuva kokuzwa ukuthi wayengathandana nalo somahlayo ogcine emkhulelisile.

"Wangixosha nengane inamasonto ambalwa izelwe. Ngaphoqeleka ukuba ngilale emgwaqeni ngaze ngasizwa wumngani owangicelela indawo ekhaya labahlwempu nokuyilapho engihlala khona namanje."

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.