Usehlonziwe umshayeli weTaxify otholakale emotweni eseshonile

2018-03-02 16:01

Johannesburg - ITaxify isimhlonze njengoSiyabonga Ngcobo umshayeli wayo otholakale ebulewe ePitoli, kusho umbiko we-Eyewitness News ngoLwesihlanu.

UNgcobo ubeyolanda umgibeli obesuka e-Arcadia sekuzoba yiphakathi kwamabili ngesikhathi ehlaselwa ngamadoda angaziwa.

Ngemuva kokuthunjwa wabe esokhelwa ngomlilo, isidumbu sakhe ebese singumlotha sitholakale ngokuhamba kwesikhathi sifakwe ebhuthini yemoto yakhe.

ITaxify isiqalise olwayo uphenyo ukuzama ukulekelela amaphoyisa ukuba athole imbangela yokubulawa kukaNgcobo.

OLUNYE UDABA: Kutholakale isidumbu somuntu emotweni ye-Taxify eSunnyside

Le nkampani iyaxhumana nomndeni wakhe kanjalo nomgibeli okunguye ohlabe umkhosi ngesikhathi uNgcobo ehlaselwa.

ITaxify ithi isithathe izinyathelo ukuqinisekisa ukuphepha kwabashayeli bayo uma beyolanda abagibeli.

Abe-App yezokuphepha ebizwa ngokuthi yiNamola nabo bazwakalise ukujabha ngokushona kukaNgcobo.

ITaxify ithi isijube ithimba elizobhekana ngqo nezigameko ezimayelana nokuphepha kwabashayeli.

Ngokusho kukaCaptain Daniel Mavimbela okhulumela amaphoyisa, lesi sidumbu sitholakale emotweni eshile ye-Taxify Chevrolet Aveo

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.