Usejele owashaya isoka ngoba liyeke 'inkonzo' laphuthuma ibhodwe eziko

2018-03-01 16:03

Florida  - Owesifazane engase alinde isikhathi eside ngaphambi kokuba aphinde azitike ngocansi nesoka lakhe ngemuva kokuboshelwa ukulithela ngesibhaxu ngoba liphazamise inkonzo yabo yasekameleni.

UTeresa Warren, 51, waseFlorida washayela ucingo amaphoyisa ewabikela ukuthi ubalekile kwakhe ngemuva kokushaywa yisoka lakhe.

Amaphoyisa aseLake County angena indlela ayohlanga nalo wesifazane ePaisley Mart, owazenza isisulu sodlame lwasekhaya.

OLUNYE UDABA:Owesifazane owashumpulwa izandla ngumyeni wakhe owayemhlukumeza, uzofakelwa amaxhumela

UWarren watshela amaphoyisa ukuthi isoka lakhe lamshaya ngesibhakela ngaphandle kwesizathu.

Ngesikhathi amaphoyisa efika emzini walezi zithandani afica isoka, igama lalo ebelingakadalulwa.

Leli soka latshela amaphoyisa ukuthi ngesikhathi bematasa nenkonzo yasekamelweni, lakhumbula ukuthi liphekile.

Ngesikhathi liyeka elalikwenza layobheka ukudla esitofini, uWarren wavele wathukuthela wagana unwabu walishaya.

Ngemuva kwalokho uWarren waphuma wabaleka, wangena emotweni yakhe wayishaya yazula.

Amaphoyisa abe esethola ngokuhamba kwesikhathi ukuthi nguWarren osuse udweshu waboshelwa icala lokushaya.

Imali yebheyili kulindeleke ukuba ibengu-$2 000.

 - WWWN

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.