Usejoyine iDowns uVilakazi - Umbiko

2016-07-20 11:31

Johannesburg - Umdlali weBidvest Wits, uSibusiso “Villa” Vilakazi usesayine eqenjini leMamelodi Sundowns inkontileka yeminyaka emithathu, umbiko.

Ngokombiko weSunSport, ethole ngemithombo yayo ethembekile,  lo mdlali uzodlalela iSundowns ngesizini ka-2016-17.

Kukholakala ukuthi lo mdlali usayine ngoLwesihlanu isivumelwano sokujoyina iqembu laseChloorkop kanti uzojoyina ozakwabo abasha uma sebebuya emidlalweni yase-Afrika njengoba bekade bedlala neZamalek.

Funda nalolu daba: Umdlali omusha weChiefs uthi ukulungele ukubhekana nengcindezi

UVilakazi ujoyine iDowns ngesamba semali esingadalulwanga, esivumelwaneni esizokwenza uCuthbert Malajila noMogakolodi Ngele bayekwiWits.

Kuthiwa lolu daba okwamanje lusakhulunyelwa phansi njengoba kusalindwe ukuba uMalajila noNgele babuye bese betshelwa kahle ukuthi sebezodlalela iWits ngaphambi kokuba kwaziswe umphakathi.

Kodwa ngokombiko weKickoff.com, uTim Sukazi oyimenenja kaNgele uthe akulona iqiniso ukuthi uNgele uzojoyina iWits, ukube kunjalo ngabe uyazi ngoba ubezobekhona ezingxoxweni.

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.