Usejoyine iqembu laphesheya obengumdlali wePirates

2017-03-22 12:00

Cape Town – Lowo obengumdlali wasesiswini ku-Orlando Pirates, u-Edwin Gyimah, usejoyine iqembu elingompetha baseSweden izikhathi eziyisikhombisa, iHelsingborgs, kulandela inhlolokhono ebe yimpumelelo nedonse isonto lonke kule kilabhu.

Lo mdlali oneminyaka engu-26 ubudala futhi odlalela iqembu lesizwe laseGhana usayine inkontileka yeminyaka emibili naleli qembu kanti uzobe ebheke ukulisiza ukuthi likwazi ukunyukela esigabeni esiphezulu.

“Sijabule ukumemezela ukuthi umdlali waseGhana, u-Edwin Gyimah, usesayine inkontileka yeminyaka emibili neHelsingborgs IF,” sifundeka kanjalo isitatimende esishicilelwe ku-website yaleli kilabhu.

OLUNYE UDABA: UKhune uqokwe njengokaputeni weBafana

“U-Edwin Gyimah ubelokhu ekwinhlolokhono neqembu i-HIF futhi wadlala emdlalweni neKristianstad FC ngaphambilini ngaphambi kokuba kuqale isizini.

“Manje lo mdlalo odlala esiswini, ophinde akwazi ukudlala emuva, usayine inkontileka yeminyaka emibili nekilabhu.”

Umqeqeshi waleli qembu, uPer-Ola Ljung, uzwakalise ukuthokoza ngokusayinwa kwalo mdlali, waphinde wancoma kakhulu izinga eliphezulu akulona kanye nokuthi uyakwazi ukusebenziseka ngezindlela eziningi.

“U-Edwin ungumdlali omuhle ngamandla kanye nangobuchule. Usesimweni esifanelekile kakhulu futhi uzodlala indima ekilabhini. Yize noma engadlala ezindaweni eziningi, [kodwa] uthathwa njengomdlali wamaphakathi nesisu.”

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.