USekela Ngqongqoshe ‘uzisola kakhulu’ ngezinsolo zokushaya owesifazane

2017-08-07 14:02

Johannesburg – USekela Ngqongqoshe weMfundo ePhakeme, uMduduzi Manana, usexolise ‘ngokungenambandela’ futhi ‘uyazisola kakhulu’ ngesigameko okusolwa kuso ukuthi ushaye owesifazane endaweni yobumnandi, iCubana, njengoba kulokhu kukhula ukugxekwa kwakhe.

“Ngifisa ukuxolisa ngokungenambandela ku-Ms Mandisa Duma, umndeni wakhe, uhulumeni waseNingizimu Afrika kanye nabantu bonke baseNingizimu Afrika, kanye nabesifazane ikakhulukazi, ngesigameko esenzeke eCubana restaurant eFourways ngempelasonto.

“Phezu kokuhlokolozwa okukhulu, bekufanele ngizibambe. Lesi sigameko esiyihlazo akumele siphinde senzeke. Ngiyazi ukuthi isenzo sami kanye nesabantu abebenami siphoxile futhi sahlukumeza abantu abaningi ezweni. Njengomholi bekufanele ngazi kangcono futhi ngenze kangcono.

OLUNYE UDABA:Livulelwe icala lokushaya owesifazane iPhini likaNgqongqoshe

“Ngiphinda ngiyazibophezela ngokuthi, uma ngabe isikhathi sesifanele, ngizophinde ngixhumane no-Ms Duma kanye nomndeni wakhe ukuze ngixolise, ngibhekane nokwenzekile futhi ngibhekane nokuhlukumezeka okwenzekile.

“Ngizophinde ngihlangane nenhlangano yami, i-ANC, kanye noMengameli Jacob Zuma ukuze nginikeze okuphelele ngesigameko.

Khonamanjalo i-EFF inxuse uManana ukuthi azinikele emaphoyiseni kulandela ukuvela kwalezi zinsolo zokushaya.

Zizwele ngezansi ingxoxo phakathi kukaManana nomfowabo wesisulu: 

(ISEXWAYISO NGOLIMI: KUNENHLAMBA) 

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.