Usekhethe ukubuyela esikoleni umdlali obopha iChiefs

2016-08-18 11:30

Durban – Sekuvele izindaba ezithi uSiboniso “Pa” Gaxa usenqume ukugxila ezifundweni njengoba engalazi ikusasa lakhe kulandela ukudedelwa yiKaizer Chiefs.

Lo mdlali osephenduke inkukhu nempaka neChiefs kuthiwa wenza izifundo zeBusiness Management.

“Useyafunda uGaxa ngoba vele ungusomabhizinisi. Siyazi sonke ukuthi uqashisa ngezindlu eGoli, okuyibhizinisi akade aliqala

OLUNYE UDABA: Lungase luye ezithebeni zenkantolo olukaGaxa neChiefs

“UPitso Mosimane noThomas Madigage yibo ababekhuthaza abadlali besakuSuperSport United, ukuthi kumele babe namabhizinisi eceleni,” kusho umthombo ukhuluma neLANGA.

Uthe nokho-ke lokhu akusho ukuthi sekuphelile ngoGaxa nebhola.

UGaxa wathusana neChiefs kubangwa indaba yenkontileka yeminyaka emibili ayisayina neqembu, kepha lamkhomba indlela kunjalo.

Lo mdlali wabe esevulela iChiefs icala, okumanje lisezithebeni zeDispute Resolution Chamber ye-PSL.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.