Usekhethe ukubuyela kwelakubo osekhathele ukuhola ‘amakinati’ ku-PSL

2016-08-17 07:45

Johannesburg - URonald Ketjijere useveze ukuthi unqabe iziphakamiso eziningi zamaqembu adlala ku-PSL ngoba bezingahehi, wakhetha ukubuyela kwelakubo ayosebenza kwezomthetho.

Lo kaputeni weNamibia wagogoda kwi-LLB e-University of Pretoria ngonyaka owedlule – lapho abedlala khona ibhola iminyaka emine ngaphambi kokuphindela eqenjini langakubo.

Lo mdlali, 28, uzophindela ku-African Stars ebe esebenza eceleni.

OLUNYE UDABA: IPirates isidedele umdlali obengalitholi ijezi

“Ngibuyela ekhaya eNamibia ngoba sengikhathele ukuhola utiki ongalifanele izinga lomdlalo wami ku-PSL,” kusho uKetjijere etshela iKickOff.com.

Kukholakala ukuthi phakathi kwamaqembu abemgaqele kubalwa iMaritzburg United, Cape Town City, Free State Stars neHighlands Park.

“Ngizitholile iziphakamiso, enye into ebingangenelisi ngaphandle kwemali, ukuthi bekumele ngiqale ngiyohlolwa amaqembu kuqala.

“Kungani kumele ngiqale phansi ngihlolwe ikhono ekubeni kade ngaqala ukudlala ibhola eNingizimu Afrika?

“Akwenzi mqondo lokho. Angiswele ngaleyo ndlela.”

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.