Usekhishiwe esikhundleni uSekela Meya eNelson Mandela Bay

2017-08-24 16:01

Port Elizabeth – UMkhandlu waseNelson Mandela Bay ngoLwesine uvotele ukugudluza uMongameli Bobani we-UDM njengeSekela Meya kulo Masipala.

Ukungahoshelani phakathi kweMeya ye-DA, u-Athol Trollip, kanye noBobani kuholele ekutheni kube nevoti lokungamethembi loSekela Meya.

OLUNEY UDABA:Kusolwa ukugxambukela kwezepolitiki ngamathenda onogada eThekwini

Isiphakamiso sokungamethembi senziwe yilungu lePatriotic Alliance, uMarlon Daniels, sabe sesisekelwa umholi weDemocratic Alliance nophinde abe yilungu lekomidi leMeya, uNqaba Bhanga.

Amaqembu aphikisayo, okubalwa i-ANC, i-EFF kanye ne-AIC, aphume ahamba ngesikhathi uSomlomo, uJonathan Lawack, enqaba ukuthi kube nelungu elingaphezu kwelilodwa eqenjini ngalinye elizophikisana ngalolu daba.

Ukuvota kube sekuqala ngesikhathi amalungu amaqembu aphikisayo asaphuma.

Leli voti liphasiswe ngemuva kokuthi kubalwe amavoti angu-60 njengasekela lesi siphakamiso, nalapho uSomlomo ebesamile kwelokuthi kunesibalo esanele ukuba kuqhubeke umhlangano, njengoba kunesibalo samalungu amaqembu aphikisayo abengakaphumi ngesikhathi sokuvota.

Lolu wudaba oluqhubekayo, eminye iminingwane ngalo izolandela. 

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.