Usekhulelisile owaphumela obala wathi uyisitabane

2016-08-10 14:30

Johannesburg – Usethole intombi waze wayikhulelisa owesilisa waseMsogwaba, eMpumalanga, obesephile iminyaka eyisishiyagalolunye eyisitabane.

USwenkie Mathebula uveze ukuthi intombi yakhe isinezinyanga eziyisikhombisa izithwele.

Lokhu kulandela ukuphumela obala ngokuthi uyisitabane ngo-2006: “Ngangingafani nabanye abafana futhi ngangingazithandi izinto abazenzayo.

“Ngangithanda izingubo zokugqoka nokuziphaqula. Nganginemizwa yabanye abafana,” esho.

Uthi wabe eseqala ejola nabafana kepha wabona ukuthi kuwukuchitha isikhathi ngoba wayengamtholi umaqondana futhi impilo ayeyiphila yayingajabulisi.

OLUNYE UDABA: Ugeqe amagula unozinti wakuleli oyisitabane

“Ngangiphila impilo yokusaphaza imali, ukuzijuxuza nokuzibandakanya ocansini. Kwathi ngokuhamba kwesikhathi ngakhathala.

“Kwangifikela ukuthi uNkulunkulu akalenzi iphutha uma edala umuntu,” esho.

UMathebula, 27, wabe esecela “ukuthandana” nomngani wakhe wakudala uCollen Mavuso, 18.

“Ngiyameseka kepha angazi ngizizwa kanjani ngokukhulelwa ingane yakhe ngoba vele abantu sebeyangehlulela,” kusho uMavuso.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.