Usekubhaceni ophoqwa wothisha ukuba agunde izinwele

2017-02-09 18:03

Durban - Useqome ukushiya isikole wayobhaca umfundi ohlukunyezwa ngothisha baseMkhayideni High School eRichards Bay, ogwini olusenyakatho yeKwaZulu-Natal ngoba engavumelani nabo bemphoqa ukuba agunde izinwele, okuyinto engenziwa ebandleni lakhe njengoba ekhonza eNazareth Baptist Church edume ngelakwaShembe. 

UCebile Mbhamali, 19, uthi sekuphele isonto lonke ejika nelanga ngenxa yokuhlukunyezwa kwakhe yingxenye yothisha baseMkhayideni.

Uthi baqale ukumhlukumeza ngonyaka odlule njengoba kunababili abaphumele obala bathi bazomfeyilisa ukuze ezoshiya kulesi sikole ngoba uzofaka umkhuba omubi njengoba sekusele yena yedwa ongaligundi ikhanda ekubeni ezinye izingane akhonza nazo eNazaretha zigundile njengoba kusho umthetho wesikole.

OLUNYE UDABA: Bamashele oKhozini abaculi bekhala ngendlala

Lo mfundi uthi ubona lifiphala ikusasa lakhe ngoba kasikho isikole esiseduze angangena kusona njengoba unyaka uhamba nje.

Uthi kumanje usehlala ekubhaceni ngenxa yokuthi uthola izingcingo ezimsabisayo kanti kusuke kungaphelele kungakhulunywanga ngegama lakhe kuthiwe ufuna ukufaka umoya wakwaShembe esikoleni.

"Kangisahlali ngisho ekhaya ngenxa yokuthi bayangisabisa. Baqale ngokungibiza ngomubiza ngonyaka odlule kuthiwe masigunde izinwele ngoba kwayona le nkolo yethu kakuyona eyabantu kodwa ngeyeziqhaza, abantu abangafundile, amanuku, ngakho nathi sesingamanuku. Bekubuye kuthiwe izinwele zethu zinezintwala esilokhu sichobana nazo singanaki umsebenzi wesikole, sizofeyila.

"Mina ngiyazethemba ukuthi kumele ngabe ngifunda umatikuletsheni kodwa ngenxa yenzondo yothisha abazonda uShembe safeyiliswa saba baningi. Bona bavele bathule, mina ngeke ngikwazi ukugunda izinwele zami ngoba esontweni nginomsebenzi engiwenzayo," kusho uCebile.

"Ngizwe amahlebezi okuthi ngizothengelwa izinkabi zamatekisi ukuba zingithumbe ukuze kucishwe ubufakazi ngoba sengilubikile udaba ngavula namacala esiteshini samaphoyisa aseRichards Bay.

"Ngingamane ngife kunokuthi nginikele ngenkolo yami kubantu abanenzondo," kusho uCebile.

Leli phephandaba likhulume noMshumayeli Makhosonke Ngubane oveze ukuthi useluzwile udaba lwalo mfundi. Uthe lubikiwe emaphoyiseni kodwa kuze kube yimanje kazikho izinyathelo ezithathiwe.

"Lubucayi kakhulu udaba lwale ngane ngoba kumanje kayikho nasekhaya ngenxa yokusongelwa. Kuthiwa izothengelwa izinkabi zamatekisi ukuba ziyithumbe ihambe ingaziwa ukuthi yashonaphi. Okubi wukuthi siyakwazi konke okucatshangwayo ngayo. Sicela ukuba umthetho wenze umsebenzi wawo ngoba kayiphephile le ngane.

"Kuyangixaka okwenziwa wuhulumeni nothisha ezikoleni, bahamba bethi makubanjiswane phakathi kothisha nabazali kodwa kabafuni kubanjiswane odabeni lokugundwa ngenkani kwabantwana bethu. Sesicela noma ngubani ukuba angenelele kule nkinga yokuhlukunyezwa izingane zethu ezikoleni," kusho uMshumayeli Ngubane.

ILANGA lihabule ukuthi lolu daba selungenelwe nangamaqembu ezombusazwe esigabeni sikazwelonke. Kuvela ukuthi i-Economic Freedom Fighters (EFF) izimisele ngokuyoyivuthisa ephalamende indaba yalo mfundi. Lokhu kuqinisekiswe yilunga lale liqembu ephalamende, uNkz Reneilwe Mshabela.

UMnu Kwazi Mthethwa okhulumela uNgqongqoshe wezeMfundo KwaZulu-Natal, uveze ukuthi kabahambisani nothisha abahlukumeza abafundi ngokwenkolo yabo.

"Nalapho sebehamba izinkantolo ngeke sibeseke ngoba bayawazi umthetho abafundelwa banikezwa wona mhla beqashwa. UNgqongqoshe (Mthandeni) Dlungwane uhlala eshumayela ivangeli lokuba kuvikelwe abafundi nothisha ezikoleni, kakukho lapho ake wathi khona makube nabahlukunyezwa ngokwenkolo yabo. Sinxusa ukubambisana okuhle phakathi kwazo zonke izinhlaka zezikole," kusho uMnu Mthethwa.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCapt Nqobile Gwala, uthe kufanele lo mfundi ahambe nomzali wakhe ayobika esiteshini samaphoyisa aseduze ukuze kuzoqalwa uphenyo maduze.

"Siyanxusa ukuba lo mfundi ahambe ayobika esiteshini samaphoyisa aseduze ukuze kuzoqalwa uphenyo. Kuyicala ukuhlukumeza umuntu uphinde umbukele phansi ngokwenkolo yakhe," kuphetha uGwala.

Kuzokhumbuleka ukuthi lesi sikole sakhiwe endaweni eqanjwe ngomuzi womsunguli webandla lamaNazaretha, umProfethi Isaiah Shembe okuthiwa yiseMkhayideni. Yikulo muzi futhi akhothamela kuwona emuva kokuxinwa wukugula. 


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
 

Kevin Anderson’s dog is winning at Instagram!

South African tennis player and 2018 Wimbledon finalist Kevin Anderson has a large pool of loyal fans but among the most noticeable is his adorable dog Lady Kady – who even has her own instagram account.

 

Paws

Kim Kardashian-West buys fake testicles to boost her dog’s self-esteem
10 tips on exercising your dog
Our top picks for doggo post of the week
Meet the unstoppable two-legged cat taking over the interwebs!
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.