Usekuphindile lokho umdlali odume ngokunyamalala

2017-02-28 19:32

Johannesburg - Umdlali wasesiswini onethalente elimangalisayo – nodume ngokunyamalala - usekuphindile futhi lokho.

UMasibusane Zongo akazange abuyele kwiRoyal Eagles ngemuva kokuba leli qembu limnikeze ikhefu lokuba abuyele ekhaya e-Eastern Cape emasontweni ambalwa edlule eyolungisa izinto zakhe zangasese, kubika iKickOff.com.

Imenenja ye-Eagles, uRichard Makhoba, ikuqinisekisile ukuthi uZongo akazilolongi naleli qembu eligijima kuNFD kodwa akafunanga ukukhuluma ngekusasa lalo mdlali kuleli qembu.

OLUNYE UDABA: UPitso uzwakalisa ukulihlonipha iqembu leChippa

"Engingakhuluma ngakho nje abadlali abakhona eqenjini njengamanje,” kusho uMakhoba kwiKickOff.com.

Lo mdlali oneminyaka engu-26 ubudala ujoyine i-Eagles ngenkontileka yeminyaka emibili ngoMeyi wangonyaka odlule ngemuva kokuxoshwa yiPlatinum Stars ngezizathu zokungaziphathi kahle.

Ededelwa kwiDikwena kwavela ukuthi leli qembu yinto ekumele engabe kade ylayenza, kepha umqeqeshi uCavin Johnson wayelokhu ehlezi ethembeni.

Kuthiwa kukaningi uZongo ayephula imithetho yeqembu, kepha uJohnson elokhu emkhulumela nabaphathi emncengela ukuthi akanikezwe ithuba futhi angaphathwa ngesandla sensimbi, ngethemba lokuthi lo mdlali uzoshintsha.

UZongo unomlando wokuxabana noma ukungezwani nabaphathi bamaqembu, njengoba kwenzeka okufanayo kwiSuperSport United, Bidvest Wits nakwiChippa United.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.