Uselala obenyoni ngenxa yezono zikamzukulu

2017-01-25 10:00

Johannesburg - Ngemuva kweminyaka engu-20 elindile ukuthola umuzi, iphupho likagogo uJulia Mthimkhulu ligcine lifezekile ngo-2015, kodwa manje uthi usehlala ngokwesaba.

Selokhu ugogo oneminyaka engu-74 ubudala angena endlini entsha e-Extension 3 eKhutsong ngaseCarletonville, uhlukunyezwa yiqembu lezigebengu okubukeka sengathi lifuna umzukulu wakhe.

Umzukulu wakhe kuthiwa walwa nelinye ilungu lezigebengu zaseRivonia.

Uthi umzukulu wakhe, uDumile Mthimkhulu, 25, wafika endlini enenxeba lokugwazwa eminyakeni emibili edlule.

“Wayiswa esibhedlela, kodwa wangasitshela ukuthi kwenzakaleni.

“Ngokuhamba kwesikhathi sathola ukuthi wayelwa nesinye sezigebengu,” kusho ugogo.

OLUNYE UDABA: Umndeni ukhathazekile ngokuhamba kancane kwecala

“Ngemuva kwezinsuku ezimbili, kwafika abantu phakathi nobusuku, bashaya amawindi basifutha nge-pepper spray. Basitshela ukuthi asihambe la.”

Kusukela ngalelo langa, umuzi kagogo usuhlaselwe kathathu kanti wonke amawindi uphahlazekile.

Isehlakalo sakamuva senzeke ngeSonto ebusuku.

“Uma uDumile walwa nabo, kumele bayixazulule emgwaqeni leyo hhayi egcekeni lami."

Ugogo uthi uselala obenyoni.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.