Uselala phezu kwendlu osabela impilo yakhe

2016-08-10 12:31

Johannesburg – Owesilisa waseSpooktown, eBekkersdal, uthi uselala obenyoni kulandela ukuthi kwabulawa umngani wakhe endaweni yokucima ukoma ngesonto eledlule.

UPasayona, 37, uthi manje uselala ophahleni lomjondolo wakhe nocelemba eceleni kwakhe, elungele ukugadla.

Uthi lesi simo sesidale ukuthi abone intombi yakhe ekuseni kuphela ngoba usabela impilo yakhe.

“Ukubulawa kukamngani wami kungitshengise ukuthi abantu abasakwazi ukuxazulula izinkinga ngomlomo. Ngizolala phezu kwendlu ngize ngiyidlulise le nto,” esho.

OLUNYE UDABA: Zimkhalele osolwa ngokubulala omunye ejoyintini

Kuthiwa uPasayona nomngani wakhe babelalele iculo opholile wothando, elinye lamakhasimende lakhipha iplaki ngoba lithi lo mculo uyabhora.

Kwabe sekusuka ingxabano, uThabang wagwazwa esegoduka.

Owamaphoyisa uSergeant Linki Lefakan usiqinisekisile lesi sigameko wathi kuboshwe umsolwa, 23.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.