Uselubalubela ukuya e-Europe uMasuluke

2017-10-28 11:00

Durban – Ulubalubela ukuyovimba e-Europe unozinti waseNingizimu Afrika obemele i-Afrika yonke emcimbini wezindondo weFederation of International Football Association (Fifa) engamele unobhuntshuzwayo umhlaba wonke.

U-Oscarine Masuluke ovimbela iBaroka FC uhlulwe ngu-Olivier Giroud we-Arsenal emklomelweni weFifa wegoli lonyaka obizwa ngePuskas obungoMsombuluko kusihlwa eLondon, e-England.

Ubekhethwe kwabathathu abashaye amagoli amahle emhlabeni. UMasuluke ubeqala ukuphuma ngaphandle kwelakuleli.

Ukuphuma kwakhe okokuqala kumshiye enesithombe azwakalise ukuthi ngeke aphinde asikhohlwe empilweni yakhe njengoba ebesegunjini elilodwa noCristiano Ronaldo wasePortugal odlala kwiReal Madrid yaseSpain oqokwe njengomdlali ovelele emhlabeni kuwo lo mcimbi, uLionel Messi weBarcelona odabuka e-Argentina, uNeymar Jnr waseBrazil ogijima kwi-PSG yaseFrance.

OLUNYE UDABA: Ngihamba no-Oscarine Masuluke, kusho u-Usain Bolt

UMasuluke uthi kushwaqe izinwele engena egunjini obekwenzelwe kulona lo mcimbi obuseqophelweni eliphezulu eLondon.

“Engikubone kulo mcimbi kungishiye nginomuzwa engingakwazi ukuwuchaza. Bekuvele kushwaqe izinwele, kuhlasimule umzimba uma ngihlangana nezihlabani engingakaze ngizitshele ukuthi ngiyoke ngizibone ngamehlo enyama.

“Okungichazile wukuthi kabazitsheli, indlela abangamukele ngayo ingenze ngakuhalela ukuyodlala e-Europe.

“Njengoba ngibuyela emsebenzini kwiBaroka ngiyolwela ijezi lami ngoba ngifuna ukulwela ukuyodlala e-Europe,” kusho uMasuluke.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic

Jobs in Cape Town [change area]

Jobs in Western Cape region

Cluster Financial Manager

Cape Town
Network Finance
R950 000.00 - R1 000 000.00 Per Year

SQL Reporter

Cape Town
Communicate Cape Town IT
R10 000.00 - R12 000.00 Per Month

Reporting Accountant

Cape Town
Network Finance Professional / Prudential
R310 000.00 - R360 000.00 Per Year

Property [change area]

There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.