Usemanzini umndeni obulawelwe amalungu amabili esikhathini esingangesonto

2017-11-09 16:00

Cape Town - Ugqemeke engeqiwa ntwala umndeni waseDelft, eKapa, ngemuva kokushonelwa amalungu awo amabili abulawe ezigamekweni ezehlukeke esikhathini esingangesonto.

UMkhuseli Bixa uthi basale bekhungathekile ngemuva kokuthi u-Okuhle Duduzile Bixa, 31, ongumshana wakhe, edutshulwe washona emasontweni amabili edlule.

Ngesonto elandulela lelo, ngomhlaka-22 Okthoba, umzukulu kaBixa, uBunono Poni, 4, kusolakala ukuthi wagwazwa washona kanti kusolwa umalume wakhe.

"Besilungiselela ukungcwaba uBunono ngesikhathi kubulawa uDuduzile. Lokhu sekwenze usizi lwalekana."

UBixa uthe batshelwe ukuthi uDuduzile ushone ngemuva kokuthi oshayasibhamu abangaziwa bemdubule esendleleni egodukayo ehamba nomngani wakhe. Bamphuca umakhalekhukhwini.

OLUNYE UDABA: Uyokhohlwa ufile umndeni obulawelwe izingane

"Konke okushiwoyo akuhlangani ngoba igazi endaweni yesigameko litshengisa ukuthi akabulawelwanga khona. Kuyacaca ukuthi wadutshulelwa kwenye indawo, isidumbu sayobekwa kwenye indawo.

"Kuyaxaka ukuthi wawusekhona u-R250 ayewuphethe ephaketheni ngemuva 'kokugetshengwa'. Siyethemba iqiniso lizovela," kusho uBixa.

Ngemuva kokutholakala kukaDuduzile waphuthunyiswa esibhedlela wafike wahlonzwa njengoshonile.

Inkonzo yakhe yesikhumbuzo izoba se-TRA5 Delft Temporals ngeSonto. Osolwa ngokuba ngumbulali kaBunono uzovela enkantolo ngenyanga ezayo.

UBunono uzofihlwa ngoMgqibelo kuTsolo, e-Eastern Cape.


Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.