Usemtholile umaqondana usomabhizinisi owathi akasifuni 'isigogwana'

2017-01-23 14:30

Harare - Kuqubuke izinkulumo ngohlu lwezinto okufanele loyo oyoba yinkosikazi yesicebi esingusomabhizinisi saseZimbabwe, uWicknell Chivayo, ibe nazo.

Lesi siqumama esingakaze sibufihle ubudlelwano baso nomndeni wakwaMengameli Robert Mugabe, samemezele ngomhlaka-31 Disemba ukuthi sifuna unkosikazi.

OLUNYE UDABA:Isono sami ukuthi ingane ifana nami - Olale nenkosikazi womuntu

Ngemuva kwesikhashana uChivayo wabe esememezela ukuthi usemtholile umaqondana.

Okucashunwe kulolu hlu lukaChivayo kumi kanje: "Abafisa ukufaka isicelo kufanele babeneziqu zezifundo zeFinance futhi babe nezincomo zamadoda amabili ake ajola naloyo ofaka isicelo."

Okunye akufunile ukuthi lowo wesifazane, angabi nezinwele zokufakelwa, abenothotho lwamazinyo futhi angabi nama-tatoo.

"Ogogo abaneminyaka engu-30 ubudala nangaphezulu bangazihluphi ngokufaka izicelo"

UChivayo ube esefaka isithombe sakhe nowesifazane enkundleni yezokuxhumana ngoLwesibili, esihambisana nombhalo othi "UMnz uzipholele ekhaya nowesifazane othole isikhundla".

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.