Usengene kolunye ubishi owaxoshwa oKhozini FM

2017-03-26 17:02

Durban - Usephinde wazifaka ngekhanda kolunye ubishi obeyisilomo somsakazi, oxoshwe yiSouth African Broadcasting Corporation (SABC) ngonyaka owedlule.

Kubukeka sekuyinsakavukela umchilo wesidwaba ukuthi lo msakazi odume ngelika Chilli M, ogama lakhe langempela nguVukani Masinga, azifake otalatiyeni ekubeni igama lakhe livele lingelihle emphakathini.

Muva nje usolwa ngokuba yiqola elinembobo ekhaleni njengoba kuthiwa uqole elinye lamahhotela aphambili eThekwini kuleli sonto.

ILANGA LangeSonto liyazi ukuthi uChilli M uphelelwe ngamahlathi okucasha ngoLwesine ebusuku ngesikhathi ezama ukubalekela isikweletu abesesenze eHilton Hotel. 

Umthombo waleli phephandaba uthi uChilli M uqole leli hhotela maqede wabalekela ezindlini zomsakazi uKhozi FM, ezikude buduze nayo iHilton Hotel. Kuzokhumbuleka ukuthi uChilli M uxoshwelwe ukugwazisa eSABC, engumsakazi walo uKhozi FM.

Ulandisa leli phephandaba umthombo uthi uChilli M ubekade ehleli kuleli hhotela eshaya iziphuzo nabathile okuthiwa bekungamantombazane, kukhonjwa ngophakathi. Kuthiwa isikweletu size safinyelela cishe ku-R3000. Kuthe lapho sekufanele akhokhe wabika imbiba nebuzi. Ngokuthola kwaleli phephandaba, ube esecela ukuyoyikhipha emshinini wasebhange, izisebenzi zaleli hhotela zamqhuba (zahamba naye). Kufikwa emshinini kuthiwa ushaye uzamthilili, wathi ikhadi lakhe lasebhange ulikhohlwe esikhwameni ezindlini zomsakazo oKhozini FM.

Nebala kunikelwe ezindlini zomsakazo, zasala ngaphandle izisebenzi zaseHilton, yena wakwazi ukupulukutshela konogada - kwazise akasasebenzi eSABC. Kukholakala ukuthi utshele izisebenzi zasehhotela ukuthi usasebenza khona oKhozini FM.

Ngokusho komthombo, lezi zisebenzi zaseHilton Hotel zime isikhathi eside ngaphandle, kwacaca ukuthi kukhona okushaya amanzi. Kuthiwa zigcine sezibachazela onogada ukuthi kwenzekeni.

Yingaleso sikhathi-ke lapho kuthiwa onogada bangene ngaphakathi bayomyabula ngendluzula. 

"Ubesesaba ngisho ukuphuma ngaphakathi emsakazweni ethi akaphephile, kanti ngaleso sikhathi abasehhotela besebedinwe begane unwabu bethi ubenza izilima. Kuphoqeleke ukuba onogada bamkhiphele ngaphandle, wathathwa wafakwa emotweni yabo laba basehhotela.

"Amantombazane abehlaliswe ehhotela, kwathiwa azophuma uma isikhokhiwe imali. Akekho umuntu onesibindi njengo Chili M, ngokusuka eGoli ezokwenza ubugebengu ekubeni esabhekene nezinkinga," kusho umthombo.

Izolo ILANGA LangeSonto lishayele iHilton Hotel ucingo ngenhloso yokuthola kabanzi ngalolu daba. Obambe ucingo walile ukuphawula, wathi okumele baphawule bayoze babe khona emsebenzini ngoMsombuluko.

OLUNYE UDABA: OkaNcwane uthi lalimgaklaza isoka kodwa ngeke agxile kulokho

Ucingo lukaChilli M lukamakhalekhukhwini lona belungakhali nhlobo izolo, belungena ebhokisini lemiyalezo kwaze kwashaya isikhathi sokushicilela. Leli phaphandaba alikwazanga nokuthola ukuthi ugcine ephelelephi uChilli M.

Akukhona-ke okokuqala ukuba azifake otalayiyeni olunje njengoba ngoLwezi (November) nyakenye kuvele ukuthi uqole i-Ascot Boutique Hotel, eGoli, u-R5000.

Embikweni weSowetan mayelana nalolu daba, kuthiwa uChilli M uphunyuke ezisebenzini zakuleli hhotela ngokuzinikeza ubufakazi bokuthi ukhokhile obungelona iqiniso. Ngaphezu kwalokho uphinde wazinika nekheli okungelona.

Kubikwe ukuthi ubehleli kuleli hhotela ubusuku obubili, egunjini elibiza u-R1465 ngobusuku. Uphinde wazithokozisa ngeziphuzo ezibandayo nezifudumeza igazi ezibiza cishe u-R2000, badla nokudla.

Kuzokhumbuleka futhi ukuthi ngoNhlolanja (February) nonyaka iDaily Sun ishicilele umbiko omayelana nazo izinsolo zobuqola ezithinta uChilli M. Kulowo mbiko umshayeli we-taxi cab ubesola uChilli M ngokumqola u-R1000 - wathi umgibeze emotweni yakhe kodwawangamkhokhela.

Lo mshayeli utshele iDaily Sun ukuthi uqashwe nguChilli M ukuba amhambise eFaircity Morningside Hotel, eGoli, naselokishini i-Alexandra, waphinde wambuyisela ehhotela, kodwa uChilli M wangamkhokhela imali yakhe, wamtshela ukuba abuye ngosuku olulandelayo ayilande. Nangosuku olulandelayo kuphinde kwayiso leso futhi emehlisa emenyusa, nezindleko zikhula. Akugcinanga lapho futhi njengoba lo mshayeli ethi uphinde waboleka uChilli M u-R50, no-R100. 

Kuzokhumbuleka futhi ukuthi nakhona eSABC uxoshwe ngemuva kokuba kuvele abathile abakhale ngokuthi ubagwazisile, wabathembisa ukuthi uzofaka umculo wabo, udlalwe eSABC.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.