Usengumculi obegijima kwiSuperSport United

2016-12-01 19:35

Durban – Ulaxaze ibhola likanobhutshuzwayo ngenxa yokulandelwa ngamabhadi wangena emculweni ozakhele udumo kwiSuperSport United, uThabani Ntshangase, odabuka eMlazi kwa-P.

UNtshangase, 26, obedume ngelikaDino 10kulo mdlalo ukhala ngokungahanjelwa kahle yizinto kwelikanobhutshuzwayo, nokuholele ekutheni angene emculweni.

Uthi ukhulele kuyona iSuperSoprt njengoba ekhule nabadlali okubalwa kubo uKermit Erasmus, Kamohelo Mokotjo nabanye, kubika ILANGA.

“Ngesikhathi ngisakhula esikhungweni sokukhulisa abadlali kuleli qembu, izinto bezihamba kahle kakhulu njengoba bengigijima eseswini.

“Izinto ziqale ukubonakala ngesikhathi sekumele ngingene esigabeni esikhokhelwayo njengoba ngike ngayozama inhlanhla phesheya kwezilwandle, ngabuya ngajoyina iSilver Stars, kodwa kuthe ngaphambi kokuba ngiqale ukudlala waxoshwa obengumqeqeshi ngaleso sikhathi (uSteve Komphela), obekunguyena obengidinga. Angibange ngisakwazi nokuqhubeka nokudlala kuleli qembu,” esho.

OLUNYE UDABA: Umsakazi uqole umdlali wePSL

Uqhuba ngokuthi uzamile inhlanhla nakwamanye amakilabhu kodwa kuvele kungacaci uma sekumele asayinwe.

Okunye akhala ngakho wukulimala nokuyinto ebimehlela sekumele aqale ukuzilolonga neqembu elimfunayo.

UNtshangase uqhube ngokuthi umculo yinto yakhe endala kusukela esakhula.

“Kusukela ngikhula elokishini umculo nomdanso bekuyinto yami. Ngiben kungcono ukuba njengoba izinto zingacaci kahle ebholeni ngiqhubeke nelinye ikhono lami,” esho.

Uphethe ngokuthi useqalile ukuqopha i-almbhamu yakhe kanti kulindeleke ukuba iphume ngonyaka ozayo.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.