Usenkantolo obesekuphele isikhathi efunelwa awokubulala eGlebelands

2018-05-02 11:01

Durban - Usenkantolo umsolwa osekunesikhathi efunwa ngokubandakanyeka emacaleni amabili okubulala ehostela lodumo eThekwini iGlebelands kanye nabanye abasolwa abangu-7 abasanda kunqatshelwa ibheyili.

Lo msolwa, 38, obesekuphele iminyaka emithathu egcwele amathafa uboshwe eHarding ngoMsombuluko.

Usolwa ngokudubula abulale izakhamuzi ezimbili zasehostela ezaziphuma enxanxathela yezitolo eMontclair ngo-2015.

OLUNYE UDABA:Sekuphinde kwabulawa omunye umuntu ehostela laseMlazi

Lo msolwa uphinde abandakanyeke esigamekweni sokudubula indoda ngonyaka odlule enxanxathela yezitolo eseMlazi.

Khonamanjalo, abasolwa abanye abangu-7 abanqatshelwa ibheyili kubalwa kubo iphoyisa elisebenzela esiteshini samaphoyisa saseThekwini.

Babhekene namacala amaningi okubalwa kuwo ukwakha itulo lokubulala nokutholakala nesibhamu esingekho emthethweni.

Sekubulawe abantu abangu-107 kulelo hostela kusukela ngo-2014.

 - Newswatch

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.