Usenkantolo owesifazane waseDBN onabayeni ababili

2016-07-19 11:33

Durban – Icala elingajwayelekile lesithembu – owesifazane onabayeni ababili – liseNkantolo eNkulu yaseThekwini lapho owesifazane ezama ukuthola imali yesondlo kumyeni wakhe wesibili ongafuni ukondla ngoba ethi bashada engazi ukuthi wayengadivosile.

Lolu daba luphambi kwenkantolo ngemuva kwesicelo esifakwe ngokomthetho 43 wemithetho yemishado, ogunyaza ukuba abashadikazi bakhokhelane ngaphambi kokuba badivose.

Lolu daba luhlanganisa umshado wamaSulumane ongabhalisiwe ngokusemthethweni.

Funda nalolu daba: Zizobabela enkantolo izisebenzi ezixoshiwe

Kodwa ngonyaka odlule ijaji laqopha umlando ngesikhathi ligunyaza ukuba kukhokhelwe owayedivosa eshade umshado ongaphansi kwenkolo yamasulumane.

Esitatimendeni esifungelwe, owesifazane onengane nomyeni wakhe wokuqala kanye nendodakazi nomyeni wakhe wesibili, uthi umthetho wemishado uyasebenza nakuyena.

Ufuna umyeni wakhe wesibili oyisicebi amkhokhele u-R50 000 yena nendodakazi yakhe, zombili izingane zakhe ziqhubeke nokuba kwi-medical aid yakhe lo somabhizinisi, zingaphucwa futhi izimoto zazo zikanokusho kanye nezinye izinto azithengela zona, kubika iThe Mercury.

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.