Usenkantolo owesilisa obhekene namacala angu-19 okudlwengula

2017-09-01 12:30

Johannesburg – Owesilisa oneminyaka engu-29 ubudala omataniswa namacala angu-19 okudlwengula kulindeleke avele eNkantolo eNkulu eTembisa namhlanje.

Umsolwa ubhekene namanye amacala okubulala nokuzama ukubulala.

Amaphoyisa akholelwa ukuthi izisulu zazidunwa kuqala izimoto bese ziyiswa esigangeni zidlwengulwe ziphinde zishaywe.

Kukholakala ukuthi umsolwa ubegila kakhulu imikhuba yakhe emalokishini asenyakatho yePitoli.

Esinye sezisulu sichazele i-Eyewitness News ngendlela sona, umngani waso kanye nesoka laso abathunjwa ngayo bayiswa endaweni abangayazi.

Sebelapho endaweni abangayazi, abesifazane ababili badlwengulwa ngesikhathi isoka lona livalelwe ebhuthini lemoto.

OLUNYE UDABA: Kutholakale isidumbu okukholakala ukuthi ngesomfana obelahlekile

“Wasitshela ukuthi asikhumule, sakhumula. Wabe esengidlwengula, ngokuhamba kwesikhathi wadlwengula umngani wami.”

Lona wesifazane uthi ubengaqali ukudlwengulwa, ngoba eminyakeni eyandulela lesi sigameko, wadlwengulwa eya kubo ebusuku.

Uthi unethemba lokuthi kulokhu uzobuthola ubulungiswa.

Okhulumela amaphoyisa uKay Makhubele uthi banobufakazi obanele obungenza umsolwa alahlwe amacala.

UMakhubele uthi umsolwa ubhekene namacala angafinyelela kwangu-22, futhi kungase kwengezwe namanye kulawa. 

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.