Usenkantolo umama nesoka lakhe ngokutalabha kanzima ingane

2018-04-11 11:00

Durban - Umama wasePhoenix nesola lakhe abashaya indodakazi yakhe eneminyaka engu-4 ubudala yaze yaquleka babuyela eNkantolo yeMantshi yaseVerulam namuhla(ngoLwesithathu).

Kwathukuthela inqwaba yabantu ngesikhathi kuzungeza ivideo eyayitshengisa lo wesifazane ekhahlela ingane yakhe ephindelela ngemuva kwezinsolo zokunyathela isicathulo sesoka lakhe.

Kubonakala indoda ihlezi embhedeni ithatha ivideo yesigameko esenzeka ngoFebhuwari.

Ibheyili kaR3 000 ngamunye eyatholwa yilezi zithandani yakhanselwa ngemuva kokubonakala kwevideo.

OLUNYE UDABA:Uboshiwe oshaye ingane yaze yaquleka ngoba izimoshele

Laba bobabili babhekene necala lokushaya ngenhloso yokulimaza kodwa ngokuhamba kwesikhashana lashintsha laba ngelokuzama ukubulala.

Kusolwa ukuthi ingane yanyathela isicathulo sesoka lanina.

Le ndoda kusolwa ukuthi yashaya le ngane ngequpha ngaphambi kokuyibhanqa nekhabethe.

Umama wengane uthe isoka lakhe labe selimuphoqa ukuba ashaya ingane yakhe.

Le ngane yathola amanxeba emzimbeni kanti imilenze yayo yayivuvukela.

Kuthiwa le ngane iqale ukuhamba esontweni eledlule ngosizo lwenqola(baby walker) ngemuva kwamasonto yelulama esibhedlela.


 - Newswatch

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.