Usenkantolo usomabhizinisi osolwa ngokubulala umkakhe

2018-03-27 14:02

eKapa - Usomabhizinisi uJason Rohde, obhekene necala lokubulala umkakhe uSusan, uzovela eNkantolo eNkulu yaseWestern Cape.

URohde uvele enkantolo kuleli sonto ngemuva kobufakazi bukaMichael Holmes, ongumfowabo kamufi, nokungubufakazi obethulwa ngesonto eledlule.

UHolmes utshele inkantolo ukuthi umsolwa wamushayela ucingo ngemuva kwezinsuku ezine kwatholakala isidumbu sikaSusan.

"UJason wayesosizini olukhulu, ekhala kakhulu, kwakunzima ngisho ukuzwa into ayeyisho.

Wakhuluma nami wathi: "Ngimbulele, ngimbulele, ngimbulele!"

OLUNYE UDABA: Ushonile owesimame ogxotshwe wumshini wokugaya amatshe emayini

Ngesikhathi uHolmes ephekwa ngemibuzo ngabameli bakaRohde ngokuthi wayecabanga ukuthi umsolwa wayesosizini ngokubulala uSusan na, lo fakazi utshele inkantolo ukuthi akazange abonane nodadewabo unyaka wonke ka-2016 ngakho-ke akazange amtshele ngokuthi umsolwa lo obeseqonyiwe.

Isidumbu sikaSusan satholakala egumbini lokugezela ehhotela ayekulo nomyeni wakhe eSpier Wine Estate ngaseStellenbosch ngoJulayi 2016.

Yena nomyeni wakhe bebeze kuleli hhotela kwinkomfa yezamabhizinisi kukhona nomakhwapheni kaRodhe.

URohde uyaliphika icala lokubulala umkakhe.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.