Usenkingeni umtholampilo ojikise obesikwa

2018-04-13 07:55

Johannesburg - Umtholampilo waseZandspruit, entshonalanga yeGoli, uzifake obishini ngokujikisa owesifazane obekhulelwe, esesikwa.

OwezeMpilo nokuThuthukiswa koMphakathi kuMasipala waseGoli, uDr Mpho Phalatse, uthi owesifazane kuthiwa uwele ngaphandle komtholampilo ngemuva kokuba etshelwe ukuthi akaphindele ekhaya ayozilungiselela ukuya esibhedlela.

Isigameko senzeke ngo-Ephreli 6.

UPhalatse uthi owesifazane uphindiselwe khona emtholampilo, nokuyilapho ebelethele khona amawele abafana.

OLUNYE UDABA: Asekhishiwe amagama abavukuzi abashiswa nebhasi

Ngokusho kukaPhalatse, umama nezingane ezimbili basesimeni esihle sempilo, kulandela ukubavakashela ngoLwesithathu.

Uthi amanesi ehlulekile ukwenza njengokwesifungo sabo, sokuthi bayokwenza okuhle, bangalimazi.

"Ngidumele kakhulu ngalokhu, ikakhulukazi nangokuzama ukufihla iqiniso.

Uthe bazoqondiswa izigwegwe abathintekayo uma sekuphothulwe uphenyo.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.