Usenkingeni uthisha kulandela ukuphuma kwenye i-video

2016-07-08 19:02

Durban – Kungenzeka abe senkingeni noMnyango wezeMfundo uthisha wesikole samabanga aphansi owaqopha i-video yengane yentombazane ikhuluma ngocansi.

Le video itshengisa ingane yentombazane, okubonakalayo ukuthi inamahloni, ikhuluma ngesigameko socansi esenzeka kubo, kubika iDaily Sun.

Le video ibonakale izungeza ezinkundleni zokuxhumana.

OLUNYE UDABA: Usenkingeni uthisha wakwaNongoma kulandela ukusabalala kwe-video

Yize singaziwa isikole okuqoshwe kuso le video, ulimi namagama abantu ashiwoyo kuyo kuzwakala sengathi siKwaZulu-Natal.

Lo thisha ubuza le ngane ekilasini ukuthi bekwenzakalana ekhaya bese le ngane iyaphendula ithi “ULindo, Mnqobi noMini bebebh******,” bese kuzwakala ezinye izingane zihleka ngemuva.

Okhulumela uMnyango uMuzi Mahlambi uthe: “Uma sesitholile ukuthi yisiphi lesi sikole, sizobe sesimthathela izinyathelo uthisha.”

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.