Usenkingeni uthisha obhaxabule abafundi

2017-08-28 16:01

Durban - Usenkingeni uthisha wasoKumhlophe Secondary School, eMlazi, eningizimu yeTheku, okuputshuke i-video ebhaxabula abafundi emhlane.

UMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal uzwakalise ukukhathazeka ngokushaywa kwabafundi okudlangile ezikoleni. 

INhloko yoMnyango, uDkt Enoch Nzama, kulindeleke ukuba iziyele mathupha namhlanje ngoMsombuluko kulesi sikole ngokusho koMnyango.

OLUNYE UDABA:Kuboshwe uthisha ngokushaya kanzima umshana, 9

Okhulumela uMnyango uScelo Khuzwayo, uthi kunophenyo olusheshayo ngale video okubonakala kuyona kubhaxabulwa abafundi.

Uthi kabakungabazi ukuthi uthisha uzothathelwa izinyathelo ezinqala emuva kokuphothulwa kophenyo ukuze nabanye othisha bezobona ukuthi ukushaywa kwabafundi kakukho emthethweni.

"Sinophenyo ngaphakathi emnyangweni kanti nabazali bezingane ebezishaywa bavumelekile ukuvula amacala emaphoyiseni. Akekho uthisha ongazi ukuthi kuyicala ukushaya umfundi.

"Induku yavalwa ezikoleni ngonyaka wango-1997 ngakho-ke kasikwazi ukuvumela othisha baqhubeke nokushaya abafundi ngoba kakuvumelekile," kusho uKhuzwayo.

 - ILANGA

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.